Udadewabo KaKelly Khumalo Wethula Ubufakazi Kwelika-Meyiwa

Written by on 18 May, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Liyaqhubeka nokuqulwa icala lokubulawa kukanozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa.

Meyiwa wabulawa ekhaya lesiqandamatha sakhe uKelly Khumalo ngonyaka ka-2014 eVooslorus.

Namuhla uZandile Khumalo uDadewabo kaKelly uvele phambi kweNkantolo eNkulu ePitoli ukuzothula ubufakazi ngokwenzeka njengoba naye wayekhona ngosuku lwesigameko.

UKhumalo uvela nje bese kuphele izinsuku ezimbili enqikaza ukuzokwethula ubufakazi njengoba ekhala ngokuthi usabela impilo yakhe uma ethula ubufakazi bukhoma kuqopha abezindaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background