u De Lille Uphendula ePhalamende Ngokuthuthukiswa Kwengqalasizinda

Written by on 11 November, 2020

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wemisebenzi yomphakathi nenqalasizinda uPatricia De Lille uthi uhulumeni uzibophezele ukuthuthukisa inqalasizinda kanye nokudala amathuba emisebenzi.

uDe Lille ubephendula imibuzo yamalunga ephalamende, ngezinhlelo zomnyango wakhe zokuthuthikisa inqalasizinda ikakhulukazi esezandleni zikahulumeni.

Uphendula imibuzo nje sekukaningi amaqembu aphikisayo ekhala ngesimo esingesihle samabhilidi kahulumeni.

Ngo 2019 ibhilidi elalinabasebenzi bezempilo eGauteng lavutha ubuhanguhangu nokwaphoqeleka ukuba livalwe labe selidilizwa.

uDe Lille uthi ukulungiswa kanye nokwakhiwa kwalamabhilidi kuzodala namathuba emisebenzi.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background