uDhlomo usephawule ngokuboshwa kwabesifazane abasolwa kokulahla izingane

Written by on 19 February, 2019

By: Lethiwe Mdluli

Ungqongqoshe wezempilo kulesifundazwe, uSibongiseni Dhlomo, uthi ziyagculisa izindaba zokuboshwa kwabesifazane abasolwa ngokulahla izingane zabo.

Ngesonto eledlule kwatholwa ingane epayipini elithutha amanzi emgaqweni eNewlands, kwaphinde kwatholwa enye emgqomeni esibhedlela eKing Edward.

Laba bobabili kulindeleke bavele enkantolo bebhekene namacala okuzama ukubulala.

UDhlomo uthi lokhu kuzobanika ithuba lokuphenya ukuthi yini abangayenza njengomnyango ukugwema ukulahlwa kwezingane.

“Sithemba ukuthi sizothola ukuthi bebebhekene nayiphi ingcindezi labomama ababili asebeboshiwe. Lokhu sizokuzwa uma amaphoyisa esekhulumile nabo ukuthi iyiphi ingcindezi ababhekene nayo. Singumphakathi kanye nomnyango wezempilo sizofunda kubona ukuthi yini ebebeyicabanga. Siyazi ukuthi kumele siqhubeke nezinhlelo lapho omama nabantu besilisa behlele imindeni ukuze bangakhulelwa noma bangakhulelisi bengakakulindeli lokhu. Lokhu okwenzekile kuwumphumela otshengisa ukuthi laba bebengakulindele ukuba nabantwana,” kusho uDhlomo.

 

Listen Below:

 

Tagged as

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background