uDlamini Uthi Akaxolise uMagashule
Written by Mfundo on 19 May, 2021
By: Lindelani Mbatha
UMengameli wophiko lwabesifazane beANC, uBathabile Dlamini, uthi unobhala walenhlangano uAce Magashule kumele axolise kumengameli uCyril Ramaphosa.
Isigungu esiphezulu salenhlangano iNEC siyalele uMagashule ukuba axolise ngencwadi ayibhalela uRamaphosa ekuqaleni kwalenyanga, emumisa emsebenzi wakhe.
Lesisigugu sithi lokhu okwenziwa yilonobhalala osamisiwe kwakungafanele futhi akanawo namandla okumisa umengameli walenhlangano.
uMagashule ubesefaka isicelo esiphuthumayo enkantolo ephakeme yasePitoli, ephikisana nokumiswa kwakhe nokuthi incwadi ayibhalele uRamaphosa ithathwe njengefanele.
Ekhuluma ohlelweni Indaba with Alex kwi-Gagasi FM, uDlamini uthi yena ubengamcebisa ukuthi akaxolise, ngoba uyalelwe yisigungu esiphezulu seqembu ukuba enze lokho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
UDlamini uqhuba ngokuthi laba abathi iskhathi sobuholi sikalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, saba yiminyaka engu-9 eyize leze, bayaphambana nenqubo yalombutho.
Ngo-2019 uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, esanda kungena esikhundleni, waphawula ngokuthi lelizwe lalahlekelwa iminyaka engu-9 ngaphansi kobuholi obaphumayo, ngenkathi ekhuluma kwi-World Economic Forum, eSwitzerland.
Lamazwi aphinda ashiwo yilowo ongungqongqoshe wezezimali, uTito Mboweni, owakubeka kwacaca bha ukuthi ubuholi buka-Zuma babuyize leze.
UDlamini uyaphawula,
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.