UDube-Ncube Uthembisa Ukusebenza Ngokwethembeke
Written by Mfundo on 8 August, 2022
By: Lindelani Mbatha
Ogaqele isikhundla sokuba nguNdunankulu wakulesisifundazwe uNomusa Dube-Ncube usethembise ukusebenzela umphakathi ngokuzikhandla.
UDube-Ncube ubekhuluma nabezindaba eThekwini, emvakokuba i-African National Congress imemezele ukuthi izofolosa ngaye uma sekuvotelwa undunankulu kwisishayamthetho.
Kulindeleke ukuthi avotelwe yisishayamthetho maduze kulandela ukusula isigubhukani kwalowo owayenguNdunankulu uSihle Zikalala.
Uma uNdunankulu esevotelwe kusemseni wakhe ukuthi obani afuna ukuba babe ngoNgqongqoshe, kodwa amahlebezi aveza ukuthi izembe lizokhala kulowo onguNgqongqoshe wezemfundo uKwazi Mshengu, uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho uRavi Pillay, kanye noNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu uJomo Sibiya.
UDube Ncube uths umsebenzi wakhe uzowenza ngokukhulu ukwethembeka.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.