UDube-Ncube Uthi Izokwenza Lukhulu Ikhabhinethi Yakhe Kwezomnotho
Written by Mfundo on 18 August, 2022
By: Nompendulo Ngubane
UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uNomsa Dube-Ncube, uthi unethemba lokuthi isifundazwe sizosimama njengoba ikhabhinethi yakhe inenani eliphezulu labantu besifazane.
UDube-Ncube uthi njengoba abantu besifazane bewumgogodla nasemakhaya uyakholelwa ukuthi ongqongqoshe besifazane abakwi khabhinethi yesifundazwe bazokwenza okufanayo ukukhulisa umnotho esifundazweni.
UNdunankulu ukusho lokhu kade enengxogxo yezamabhizinisi nobuholi besifundazwe ukudingida ukuthi ngabe yini engenziwa ukukhulisa umnotho.
Uthi abesifazane bazolibamba iqhaza ukudlondlobalisa umnotho wesifundazwe.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.