UDube-Ncube Uthi Ongqongqoshe Bekhabhinethi Lakhe Bazosebenza Ngendlela

Written by on 11 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uthi kumele uhulumeni abhukule ukubeka phambili abantu bakulesi sifundazwe.

UDube Ncube usho kanje lapho ethula oNgqongqoshe beminyango eyahlukahlukene kahulumeni, emva kokushintshwa kwe khabhinethi.

Ethula labo ngqongqoshe, ube esecela ukuthi banikwe isikhathi ukuthi bangene futhi bajwayele amahhovisi ngaphambi kokuthi bakhulume nabezindaba.

UDube Ncube uthi labaholi abasha unethemba lokuthi bazokwazi ukwengamela iminyango yabo ngoba ababasha kwezepolitiki nasekusebenzeleni imiphakathi.

Uthi kuzomele ukuthuthukiswa komnotho kube seqhulwini.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background