UDube-Ncube Uxwayisa Amakhansela Ngenkohlakalo

Written by on 22 November, 2021

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube usenxuse amakhasela azogcotshwa kumasipala uMsunduzi ukuthi adlalele kude nenkohlakalo.

Usho kanje ekhuluma emcimbini wokugcotshwa kwe Meya kanye namakhansela ngaphansi kuka masipala uMsunduzi.

Uqhuba ngokuthi umnyango wakhe uzoqinisekisa ukuthi lomasipala wenza konke okufanelekile ukunikeza umphakathi izidingo zawo njengoba lokhu kuwumyalezo ovela kuwo, nabawuthole ngesikhathi kuvotwa.

U-Dube-Ncube uthi inkohlakalo into engeke ibekezelelwe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background