UDuma Uthi Iyadingidwa Eyokulwisana Namabhoklolo Aphazamisa Izinhlelo Zokwakhwa Zikahulumeni
Written by Mduduzi Phungula on 20 October, 2022
By: Nompendulo Ngubane
UNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uSboniso Duma, uthi sebethumele ithimba njengohulumeni ukuthi liyoxoxisana nenkampani ebhekene nezinhlelo zokwakha zikahulumeni iCalgro M3.
Lokhu kungemuva kokuthi lenkampani ibike ukuthi isishiye phansi izinhlelo zokwakha esifundazweni saKwaZulu Natal emva kokuthola izinsongo kulabo ababizwa ngamabhoklolo aphazamisa izinkampani ezinezinhlelo zokwakha zikahulumeni.
Oyi-CEO yeCalgro M3, uWickus Lategan, uveze ukuthi bafinyelele kwisinqumo sokungabe besenza msebenzi kahulumeni kulesisifundazwe ngoba besatshiswa bona kanye nabasebenzi iwo lamabhklolo athi nawo alwisana nokusebenza kwabo ikakhulukazi ezindaweni zaseThekwini.
UDuma uthi kumanje ithimba lijutshiwe ukukhulumisana nale nkampani, ube esenxusa ukuthi amathimba kahulumeni azivikele izinkampani zokwakha.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.