Ufuna Izimpendulo Umphakathi Obubhikisha

Written by on 24 July, 2023

By: Dawud Phungula

Amalunga omphakathi waseNtshanga entshonalanga yeTheku athi azoqhubeka nokubhikisha uma engazitholi izimpendulo ngezinkinga abhekene nazo.

Lomphakathi uvuke umbhejazane namhlanje ekuseni wavala imigwaqo eyahlukene kulendawo, nokuholele ekutheni abanye abantu bagcine bengakwazanga ukuya emsebenzini.

Phakathi kwezinto lomphakathi ozibhikishelayo kubalwa ukungabi nawo ugesi kanjalo namanzi njengoba uthi sekuphele izinyanga kungekho.

Bekhuluma nezindaba zeGagasi FM lababhikishi bathi okubathukuthelisa kakhulu ukuthi kunabantu abangu 4 asebedutshulwe balimala njengoba kuqhubeka lemibhikisho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background