Ugesi Usubuyile, Kodwa Usazophinde Uphele – Eskom
Written by Mfundo on 25 October, 2021
By: Staff Writer
Isikhungo esiphakela lelizwe ngogesi kuleli iEskom, sithi luzoqhubeka uhlelo lwe load shedding ngaphansi kwesigaba sesibili ezindaweni zonke.
Izolo iEskom imemezele ukuthi izothi ukukumisa lokhu njengoba ngeviki elidlule nangempelasonto ibilokhu iwucima ugezi izama ukubuyisa amandla anele khona izokwazi ukusebenza ngendlela.
Okhulumela lesikhungo uSikhonathi Mantshantsha, uthi njengoba iload shedding iphela ekuseni kuzona zonke izindawo ezweni, sebezoyiqala ngo 5 ntambama kanjalo nakusasa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.