Ugqigqa Inkantolo Osolwa Ngokubulala Owayeyisikhulu

Written by on 10 March, 2022

By: Bright Ntuli

Owesilisa osolwa ngecala lokubulala owayeyisikhulu senkampani iRichards Bay Minerals (RBM) kulindeleke ukuthi afake iscelo sebheyili ngoLwesibili oluzayo.

Umsolwa uKhulani Ngubane uvele kafushane enkantolo kamantshi eRichards Bay, enyakatho yesifundazwe ngoLwesibili.

U-Ngubane waboshwa ngemva kokudutshulwa kubulawe lesikhulu ngenkathi sisenxanxatheleni yezitolo ngo-July ngonyaka owedlule.

Oyiskhulumi samaphoyisa uThembeka Mbele uthi basaqhubeka nophenyo ukubheka ukuthi ngabe lomsolwa awekho yini amanye amacala athinteka kuwo kulesifundazwe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background