UGumede uthi akazuk’phela amandla

Written by on 10 September, 2020

Owayeyimeya yeTheku, uZandile Gumede, usekhale ngaphansi emizamweni yakhe yokuthi inkantolo iwachithe amacala abhekene nawo.

UGumede ubevele namhlanje eCommercial Crimes Court eThekwini.

Usolwa ngenkohlakalo yethenda kadoti yezigidi zamarandi.

Kanti ngemva kokulalela izethulo zomshushisi, uDawn Samaraoo, kanye nabammeli bakaGumede inkantolo isilihlehlisele umhlaka 10 December lelicala.

listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

UGumede uthi ukusolwa kwakhe ngamacala enkohlakalo ngalendlela ukubona kuyimpi engabhekisiwe kuye yedwa kodwa ebhekiswe ku ANC.

Usho lokhu ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo abevele kuyona eThekwini.

Uthi impi enkulu le abhekene nayo ethi kukhona imizamo yokudicilela phansi isithunzi sakhe kanye neseqembu elibusayo.

listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Bongani Gina


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background