Ugwetshiwe Owadlwengula Abangani Bakhe Wavalela Oyedwa Endlini

Written by on 24 November, 2021

By: Bright Ntuli

Owesilisa usegixabezwe ngesigwebo seminyaka engu-20 ebhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula abangani bakhe ababili.

Inkantolo yesifunda Inkanyezi Regional isiphinde yagixabeza lowesilisa, uNtobeko Magwaza, oneminyaka engu-32 ubudala nangeminye iminyaka engu-8 ngaphezulu, ngamacala okuthumba.

Esigamekweni sokuqala esenzeka ngo 2016 EShowe enyakatho yesifundazwe, kubikwa ukuthi uMagwaza wacela owesifazane owayengumngani wakhe ukuthi amphelezele ukuyolanda ijezi ekhaya lakhe.

Kubikwa ukuthi kwathi uma befika ekhaya, lowesilisa wabe esemjikela, wambhozomela wamdlwengula maqede wamvalela endlini.

Inkantolo yethula isigwebo sayo ithi uMagwaza lo ukhombise ukungabi nabo ubuntu kubona bobabili laba besifazane ababemethembile njengomngani, kanti uzobenza isilo sengubo.

Oyiskhulumi samaphoyisa uNqobile Gwala uyachaza.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background