Ugwetshwe Udilikajele Umlisa Owasoconga Umndeni
Written by Mfundo on 21 July, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Owesilisa wasePietermaritzburg enkabeni yeKwaZulu-Natal, owabulala ngesihluku amalungu amathathu omndeni owodwa ugixabezwe ngesgwebo sodikila jele abahlanu.
Inkantolo kamantshi ePietermarizburg igwebe uNjabulo Ndlovu kulandela ukuthi azivumela yena amacala abhekene nawo.
Ngasekupheleni kwenyanga eyedlule umndeni wakwa-Ndlela eSobantu khona ePietermaritzburg uvelelwe wumshophi wokubulawela isaguga sawo, indodakazi yaso kanye nomzukulu obeneminyaka engu 8 ubudala.
Inkantolo yathola nokuthi uNdlovu wadlwengula umama wakulomndeni kanye nomzukulu ngaphambi kokuthi abaklinye ababulale.
Ethula isgwebo ujaji uPoyo Dlwati, ngomlomo katolika usho kanje.
[WATCH] Ugwetshwe odilikajele abahlanu kuwo wonke amacala abhekene nawo uNjabulo Ndlovu (29) owabulala amalungu amathathu omndeni wakwa Ndlela eSobantu, ePietermaritzburg enkabeni ye-KwaZulu-Natal.
Lesi sinqumo sethulwe enkantolo ephakeme ePietermaritzburg namhlanje. pic.twitter.com/yBmYPckW55
— Gagasi FM News (@GagasiFMNews) July 21, 2022