Uhlelo Lika-Ramaphosa Lokuqeda Inkinga Kagesi Lizoshiya Abaningi Bekhala – Vavi
Written by Mfundo on 27 July, 2022
By: Sithulile Mdletshe
UNobhala Jikelele we-South African Federation of Trade Unions (SAFTU), u-Zwelinzima Vavi, uthe uhlelo lukamengameli uCyril Ramaphosa lokubhekana nenkinga kagesi luzoqeda inqwaba yemisebenzi.
UVavi uthe izinyunyana zizocubungula izethulo ezenziwe umengameli ngenkinga kagesi.
URamaphosa umemezele ukuthi into yokuqala esemqoka ukulungisa u-Eskom, ukubhekana neziphehlimandla ezifa njalo kanye nenkinga yamalahle.
Kamuva nje UNgqongqoshe wezezimbiwaphansi uGwede Mantashe, wabeka ukuthi ukuqedwa kokusebenziswa kwamalahle kuleli yinto okungamele ixhamazelelelwe njengoba iNingizimu Africa isasebenzisa u-77% wamalahle ukukhiqiza ugesi.
UVavi uthe uma inhloso yaRamaphosa kungukuqeda ngamalahle, inqwaba yabantu izozithola idiliziwe ngenxa yezinkampnai ezizogcina sezivalilwe.
Kanti ke uthe njengezinyunyana zabasebenzi basezimayini basalindele ukuthi umengameli abonisane nabo ngaphambi kokuthatha izinqumo ezithinta ukuqedwa komsebenzi wamalahle.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.