Uhlelo Lokugoma Abangenamakhaya
Written by Mfundo on 23 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Ababhekelele ezempilo ngaphansi kwa masipala weTheku sebeqale umkhankaso wokugoma abantu abangenamakhaya, abahlala emigaqweni kanjalo nasemakhaya agcina abahlwempu.
Umkhandlu uthi uhlelo lokugomela iCOVID-19 kumele luthinte wonke umuntu, ngisho nalabo abangenazo izindlela zokufinyelela emitholampilo nasezikhungweni zokugoma ngenxa yokungabi nomazisi neminye imniningwane.
Izikhungo zokugoma ezihlelelwe labahlali kubalwa kuzo iJewish Hall, Strollers Building, Denis Hurley Building kanye ne Block AK, emgaqweni u Stamford Hill.
Okhulumela uMasipala uMsawakhe Mayisela uthi okwamanje loluhlelo luzogxila kulabo abanomazisi ngaphambi kokuba ludlulele kwabanye.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.