UHlomuka Ukhathazekile Ngokusocongwa Kwabaholi Bendabuko
Written by Mfundo on 24 May, 2021
By: Bright Ntuli
UNgqongqoshe wezindaba zomdabu KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, kulindeleke ukuthi abize imbizo ekuzodingidwa kuyo ngamasu okunqanda ishlava kokubulawa kwezinduna kanye nabanye abaholi bendabuko kulesifundazwe.
U-Hlomuka uthi sebengaphezu kuka 27 abaholi bendabuko asebebulwe kulesifundazwe kusukela ngo 2019.
Uqhuba ngokuthi inqwaba yabanye isinde ngokulambisa ezigamekweni ezahlukene lapho bekukhona abebezama ukubasoconga.
Oyisikhulumi sika Hlomuka, uSenzelwe Mzila, uthi ungqongqoshe ukhathazekile ngalezigameko njengoba ethi ziphazamisa ukusebenza kwesikhungo sabaholi bendabuko.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.