UHUGO BROOS UTHI U-CASSIUS MAILULA AKAKAKULUNGELI UKUYODLALA E-EUROPE.

Written by on 17 March, 2023

BY: Simtho Dladla

Umqeqeshi weqembu laseziwe iBafana Bafana uHugo Broos uthi umgadli weMamelodi Sundowns uCassius Mailula akakakulungeli ukuyodlala eEurope.

Mailula  uqale kule season ukuba nendawo ethi yena kubadlali abangu 11 abaqala umdlalo kuSundowns njengoba ephuma kwi-Acadamy yaleliqembu. Lomdlali oneminyaka engu-21 ubudala usedlale emidlalweni engu-22 kusukela kuqale iseason, washaya amagoli angu-14 kuyona yonke imiqhudelwano.

Ukuzimisela kwakhe ikona osekumbekele indawo kwi Bafana Bafana ezodlala neLiberia emdlalweni yokuhlungela iAfrican Cup of Nations ngasekupheleni kwalenyanga.

Ngesikhathi ememezela iqembu lakhe labadlali abangu 23 uBroos uthi makangajahi uMailula ukuya phesheya kwazise iseason yakhe yokuqala egcwele le kuSundowns..

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

image: Lefy Shivambu


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background