Uhulumeni Awukakaqedi – Ramaphosa

Written by on 28 April, 2022

By: Bright Ntuli

Umengameli wezwe uCyril Ramaphosa uthi nakuba sekuphele iminyaka engu-28 lelizwe lathola inkululeko kanye nohulumeni wentando yeningi, kodwa kuningi uhulumeni obusayo ekusamele akwenze ukuqinisekisa inkululeko yabantu.

U-Ramaphosa usho kanje ngenkathi ekhuluma emcimbini wokubungaza usuku lwenkululeko nobubanjelwe esifundazweni sase-Mpumalanga.

Uqhuba ngokuthi ngaphandle kokuthi abantu abamnyama babengavumelekile ukuvota ngeskhathi sikahulumeni wobandlululo, kodwa futhi nesimo sabo sempilo sasingesihle ngoba babevalelekile kokuningi.

U-Ramaphosa uthi uhulumeni obusayo sekukuningi okuhle osukulethele abantu bakuleli, futhi usazoqhubeka awukaqedi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background