Uhulumeni ubhekene nezingqinamba ekulandeni abasemazweni angaphandle

Written by on 22 April, 2020

Umnyango wezokuxhumana namazwe angaphandle uthi uhulumeni wakuleli uthembele emazweni angaphandle ukubuyisa abantu bakuleli abavaleleke kulawomazwe.

Oyiskhulumi somnyango, uLunga Ngqengelele, uthi okunye okwenza bangakwazi ukubuyisa abantu bakuleli ngokushesha ukuthi kumele bathobele futhi balandele imithetho yalawomazwe yelockdown.

Uqhuba ngokuthi bayakuqonda ukuthi kukhona abantu bakuleli abavaleleke emazweni aphesheya ngenxa yecoronavirus.

Kanti, uRuddy Massyn, ongumlisa wakuleli onodadewabo, indodakazi kanye nenkosikazi abavaleleke eBali eIndonesia uthi impilo isinzima kulamalungu omndeni wakhe.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Bright Ntuli


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background