Uhulumeni Ubhekisisa Izinhlelo Zamalungiselelo Okugcotshwa KweSilo
Written by Mduduzi Phungula on 17 October, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uthi useqalile ukubheka ukuthi ngabe konke kumi ngomumo yini ukulungiselela ukunikezwa isitifiketi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ithimba le-Inter-Ministerial Task Team eliholwa uNgqongqoshe weZokuBusa NgokuBambisana kuzwelonke, uNkosazana Dlamini Zuma kanye nehhovisi lika Ndunankulu wesifundazwe namuhla livakashe enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ukuyobheka ukuthi ngabe yonke into ihamba kahle yini ukulungiselela lo mcimbi.
Lo mcimbi kulindeleke ukuthi ube ngomhlaka 29 ekupheleni kwalenyanga, eMoses Mabhida, nalapho uMengameli ezonikeza iSilo isitifiketi ngokusemthethweni.
Lokhu kulandelwa ukugcotshwa kwaso iSilo emva kombango wasebukhosini mayelana nokuthi ngabe ubani okumele athathe isihlalo sobukhosi emva kokukhothama kweSilo uZwelithini.
Echaza mayelana nokubheka amalungiselelo awo lomcimbi uDlamini Zuma usho kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.