UNdunankulu Ufuna Kujeze Ababhokode Owesifazane

Written by on 7 June, 2021

By: Bright Ntuli

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, usenxuse abomthetho ukuthi benze konke okusemandleni ukubamba babophe izigebengu ezibulale owesifazane obesebenza ehovisi lakhe.

Isidumbu sika-Hlengiwe Madlala sitholwe ngaphandle kwesango lakwakhe ngempelasonto sinamanxeba amaningi okugwazwa.

Ngokombiko wamaphoyisa isidumbu sika Madlala besinqunu, kanti izimpahla zakhe bezibekwe eceleni kwaso.

UNdunankulu uZikalala usechaze lesigameko njengesinyantisa igazi njengoba esenxuse namalungu omphakathi angaba nolwazi ngaso abikele amaphoiyisa.

Oyiskhulumi ehovisi likandunankulu, uLennox Mabaso usho kanje,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background