Uhulumeni Ufuna Ukuqinisekisa Ukuthi Kuphela Unyaka Abaningi Sebegomile

Written by on 18 August, 2021

By: Bright Ntuli

Umnyango wezempilo kuzwelonke uthi nakanjani uzoluqala uhlelo lokugoma abantu abaneminyaka engu 18 kuya ku 34 kusukela ngomhlaka 1 September.

Lomnyango usanda kumemezela ukuthi umuntu usengaya esikhungweni sokugoma uma sekuqala labo beminyaka yakhe ngaphandle kokubhalisa.

Yize izibalo zabasuleleka ngaleligciwane zisaphezulu, kodwa ochwepheshe bathi seziqalile ukwehla kancane kancane.

Uhulumeni ubuhlele ukuthi uzogoma okungenani abantu abangu 300 000 njalo ngosuku, kanti lesibalo uyehluleka ukuhlangabezana naso njengoba bebalinganiselwa ku 175 000 abantu abafika ezikhungweni zokugoma nsuku zonke.

Ongusekela kaMqondisi Jikelele emnyangweni wezeMpilo kuzwelonke, uNichilas Crisp, usetshele ikomidi elibhekelele ezempilo ePhalamende ukuthi bafuna ukuqonda kahle ukuthi yini eyenza abantu bazogoma noma bangezi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background