Uhulumeni Ufuna Ukuthuthukisa Imbokodo Kwezamabhizinisi
Written by Mfundo on 10 August, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi isibalo esikhulu sabantu okumele bathole ukuqeqeshwa ngokwamakhono ngabantu besifazane.
URamaphosa uthi ukusabalalisa amakhono sebekwenze ezifundeni ezingu-11 zakulesfundazwe saKwaZulu-Natal, bekwenza kubona abantu besifazane ngenhloso yokubakhulisa ngokwemisebenzi.
Umengameli ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokugubha usuku lwabantu besifazane eRichmond maphakathi nalesfundazwe.
URamaphosa uthi uhulumeni uyaqinisekisa ukuthi imisebenzi engu-40 kwengu-100 itholwa ngabantu besifazane kodwa imbokodo iyadinga ukuthi ithuthukiswe ikakhulukazi kwezamabhizinisi.