Uhulumeni Ukhala Ngemigomo Esiyoze Ibole
Written by Mfundo on 4 March, 2022
By: Lindelani Mbatha
Ungqongqoshe wezempilo uJoe Phaahla uthi iNingizimu Afrika inemigomo yeCoronavirus engaphezu kuka-20 million engakasetshenziswa.
U-Phaahla ubekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zikahulumeni zokulwa nokusabalala kweCOVID-19.
I-South Africa inabantu abangaphezu kuka-17 million kuphela asebegome ngokuphelele lokhu okumele u-40% kanti uhulumeni ufuna ukugoma okungenani 70% wabantu ungakapheli lonyaka.
Usho lokhu nje usevele usexhumene ne-COVID-19 Vaccines Global Access (COVAX) – okuyinhlangano yohulumeni nongoti bamazwe ababhekelele lolubhubhane – ukuthi iyithathe eminye yalemigomo, ezophelelwa isikhathi ekupheleni kuka-March.
Ungqongqoshe uthi banethemba lokuthi abantu bazophuma ngobuningi bazogoma lomgomo ungakaphelelwa yisikhathi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.