Uhulumeni Ukhathazekile Ngomasipala Abangasebenzi
Written by Mfundo on 25 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
Ikomidi elibhekele ukusebenza kwePhalamende lezokuBusa ngokuBambisana selithole ukuthi omasipala abangu-64 sebehlonzwe njengabangasebenzi kahle, kanti abangu 26 sebengaphansi kweso lomlawuli.
Ihhovisi lika Mgcinimafa kazwelonke selenze izethulo ePhalamende mayelana nokusebenza kanjalo namabhuku emikhandlu eyahlukene.
I-National Treasury ithi komasipala abangu 64, bangu-16 kuphela abathathwa njengabazinzile, kanti abangu-12 babo base-Western Cape.
Usihlalo wekomidi lakwa COGTA, uFaith Muthambi, uthi bakhathazeke kakhulu ngomasipala abangasebenzi kahle.
Uthi bazokufakela izibuko nokusebenza kwemikhandlu eyahlukene ese-North West nathi ayenzi kahle neze, kodwa bayajabula ukuthi uMgcinimafa wenze uhlelo lokungenelela ukusiza bonke omasipala abasenkingeni.