Uhulumeni Ukhuza Abozoziphathisa Okwemidlwembe Emigaqweni

Written by on 31 March, 2021

By: Bongani Gina

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi kubalulekile ukuthi amatekisi nazo zonke izithuthi zomphakathi abe sesimeni esiphephile njengoba bebaningi abantu abazobe begoduka ngalempelasonto.

UZikalala usho lokhu njengoba yena noNgqongqoshe wezokuthutha kulesifundazwe, uPeggy Nkonyeni, kade bebambe isivimbamgwaqo eTollgate yaseMarianhill, ukuhlola ukuphepha kwezimoto.

Uthi njengoba amatekisi kuyiwona athutha kakhulu abagibeli abaningi, yiwona okufanele kuqinisekiswe kakhulu ukuthi aphephile futhi asesimeni esifanele ukuba semgwaqeni.

“Kubalulekile ukuthi amatekisi abe sesimeni esihle ingakho sihlola kakhulu amatekisi lawa ahamba imizila emide, lapho sibheka khona ukuthi ngabe abashayeli bashayela izimoto eziphilile futhi nabo basesimeni esikahle futhi banezincwadi ezifanelekile,” kuchaza uZikalala.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe uNkonyeni uthi umthetho uzobe uqine kakhulu emgwaqeni njengoba sekuqala amaholidi ephasika nje, ikakhulukazi kulabo abashayela bephuze utshwala.

Uqhuba ngokuthi abashayeli kufanele beqinisekise nanokuthi bahambi ngesivinini esilindelekile emgwaqeni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background