Uhulumeni Ulungisa Izinhlelo Zokhetho
Written by Mfundo on 4 August, 2021
By: Bright Ntuli
UNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana, uNkosazana Dlamini-Zuma, uthi ukhetho lohulumeni bezindawo luzoshicilelwa njengoluzobanjwa ngomhlaka 27 October kulonyaka.
U-Dlamini Zuma usho kanje ngenkathi ethulela abezindaba umbiko mayelana nokhetho lohulumeni bezindawo okulindeleke ukuthi lube ngasekupheleni kwalonyaka.
Ijaji eselathatha umhlala phansi, uDikgang Moseneke, lisanda kwethula umbiko walo kulandela uphenyo mayelana nokuthi lolukhetho lungaba ngolukhululekile yini uma lubanjwa ngaleskhathi izwe lisalwisana nobhubhane iCOVID-19.
Uphenyo luka Moseneke luthole ukuthi lolukhetho ngeke lube ngolukhululekile ngaphansi kwezimo zeCoronavirus, ngakho kumele luhlehliselwe usuku olungeqile ku February ngonyaka ozayo.
U-Dlamini-Zuma uthi nakuba bewuhlonipha lombiko kaMoseneke kodwa bekudingeka ukuthi balumemezele ngokusemthethweni usuku lokhetho, ukuze ikhomishana i-IEC izokwazi ukuya enkantolo yomthetho sisekelo iyocela ukuthi lolusuku luhlehliswe.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.