Uhulumeni Unxusa Abagomile Nabangagomile Ukuthi Balandele Imigomo yeCOVID-19
Written by Mfundo on 17 August, 2021
By: Lindelani Mbatha
Usekela Ngqongqoshe wezempilo, uSbongiseni Dhlomo, uthi abantu asebegomile kumele baqhubeke nokufaka izifonyo ukugwema ukutheleleka kanye nokuthelela abanye nge-COVID 19.
U-Dhlomo ubethulela ikomidi lezempilo ephalamende izinhlelo zomnyango zokukhulisa isibalo sabantu abagomela leligciwane nsuku zonke.
Ubephendula amalunga ephalamende azwakalise ukukhathazeka kwawo ngabakubona kwamanye amazwe lapho amalungu omphakathi asegomile engasazifaki izimfonyo.
Uqhuba ngokuthi noma ukugoma kukusiza ukuthi uma uthola iCOVID-19 ungaguli kakhulu, kodwa kusabalulekile ukuthi izakhamuzi zifake izimfonyo mazisendaweni yomphakathi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.