Uhulumeni Unxusa Abagulayo Basukumele I-TB

Written by on 25 March, 2022

By: Bright Ntuli

Ungqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube usenxuse imiphakathi ukuthi ingabacwasi abantu abanesifo sofuba iTB.

U-Dube-Ncube usho kanje ngenkathi emele uNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala emcimbini wokukhumbula labo asebashona ngenxa yalesifo.

Izolo bekuwusuku lokufundisa kanye nokuqwashisa ngalesifo emhlabeni jekelele iWorld TB Day.

Ekhuluma esifundeni uThukela enyakatho esentshonalanga yesifundazwe, uDube-Ncube uthi okuhle ngalesifo ukuthi siyalapheka ngakho abantu abangesabi ukuyosihlola ukuze basheshe belashwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background