Uhulumeni Unxuswa Ukuba Anakekele Izindawo Zamagugu
Written by Mduduzi Phungula on 23 September, 2022
By: Xolani Khumalo
Usolwazi wezamasiko namagugu uSonwabile Mancotywa, uthi iNingizimu Africa kumele iqikelele ukuthi ziyanakelelwa izindawo zamagugu eziqukethe umlando wakuleli.
Usho kanjena nje, kusasa lelizwe lizobungaza usuku lwamagugu.
Umcimbi omkhulu kahulumeni wokubungaza lolusuku, nalapho kuzokhuluma khona umengameli wezwe uCyril Ramaphosa uzobe ubanjelwe eTshwane.
UMancotywa uthi ezinye izindawo zamagugu ziyehluleka ukugcina iminyango yazo ivuliwe njengoba zikhungethwe izinkinga ezahlukene, okubalwa kuzo ukweseleka kwezimali zokunakekela lezindawo.
Uthi uHulumeni kumele ayibheke neyobunikazi balezindawo nokuthi ngeke yini waziphatha ngokubambisana nezinye izinhlaka.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.