Uhulumeni usehlonze amabhilidi azogcina iziguli

Written by on 1 April, 2020

Ungqongqoshe wezempilo kulesfundazwe, uNomagugu Simelane-Zulu, uthi kunamabhilidi angaphansi kukahulumeni asebewahlonzele ukuba asetshenziselwe ukugcina iziguli ezihaqwe icoronavirus uma silokhu sandile isibalo.

Okwamanje bangu 1353 abantu abanaleligciwane ezweni kanti bangu 179 kulesfundazwe njengoba singesesithathu ukulandela iGauteng neWestern Cape ngokwezinombolo.

USimelane-Zulu, uthi zikhona izakhiwo asebezihlonzile ukulekelela ukwamukela umthamo omkhulu weziguli zecoronavirus.

Listen here:

By: Bongani Gina


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background