Uhulumeni Usukumela Uhlobo Olusha Lwe COVID-19

Written by on 4 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, usecele ikomidi longqongqoshe elibhekelele izindaba ezithinta iCOVID-19, ukuthi lize nemibono ngokufanele kwenziwe ukulawula abantu abeza kulelizwe beqhamuka e-India.

Usho kanjena nje i-India ihlaselwe uhlobo olusha lwaleligciwane, i-B.1.617, kanti kushona izinkumbi zabantu usuku nosuku ngenxa yalo kanye nokushoda kwe Oxygen ezibhedlela.

Kumanje kunomuntu oyedwa ofike kuleli esuka eIndia, osegcinwe kwesinye sezibhedlela KwaZulu-Natal, okutholakale ukuthi unaloluhlobo lwe COVID-19.

uMkhize uthi yonke imingcele engenela eNingizimu Africa isiqashwe ngeso elibukhali, ukuqinisekisa ukuthi abangenayo bahlolwa ngendlela.

Khonamanjalo, usolwazi oqhamuka sikhungweni esicwaninga ngezifo, uAdrian Puren, uthi okwamanje loluhlobo lwe COVID-19 olutholakala e-India, alukafiki kulelizwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background