Uhulumeni Uthembisa I-Data Yamahhala-hha
Written by Mfundo on 18 February, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Ungqongqoshe wezokuxhumana uKhumbudzo Thsavheni uthi idata kulezinsuku selibaluleke njenge manzi kanye nogesi, ngakho kubalulekile ukuba wonke umuzi wakuleli ubenayo.
U-Ntshavheni usho kanje enza isimemezelo ephalamende sokuthi umnyango wakhe usuzogixabeze umuzi nomuzi wakuleli ngesigaxa sika-10 gigabytes we-data ngenyanga.
Nakuba engakalusho usuku loluhlelo oluzoqala ngalo ungqongqoshe, kodwa uthi into umnyango wakhe osuyidingidile wayibona inesidingo impela.
Uthi loku kuyahambisana nezinhlelo lelizwe elinazo ze-4IR.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.