Uhulumeni Uthembisa Ngezigidi Ukulekelela Amabhizinisi

Written by on 20 October, 2021

By: Pamella Majola

UNgqongqoshe wezohwebo kanye nezimboni uEbrahim Patel uthi uhulumeni usegunyaze ukuthi kukhishwe imali engaphezu kuka-R1.5 billion ukweseka amabhizinisi athinteka ngekathi kunodlame olwabonakala ezingxenyeni zezwe ngoJuly.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi umnyango wakhe kanye nowezokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane behlanganise u-R3.75 billion ukusiza amabhizinisi akahlamezeka KwaZulu-Natal kanye nase Gauteng.

Ekhuluma esithangamini nabazindaba, uPatel uthi umnyango wakhe uphasise lemali khona kuzoshesha ukubuyisa uzinzo kwezamabhizinisini kuphinde kusikazakale nabasebenzi abasahlezi emakhaya, ngokubuyela emsebenzini ngokushesha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background