UHulumeni Uthi Abantu Abalande Imali Yabo
Written by Mfundo on 2 July, 2021
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, uLindiwe Zulu, uthi labo abahlomula ngesibonelelo sikahulumeni kumele baqale balande imali yabo ngesonto elizayo kodwake kuzoqala labo abadala.
U-Zulu ubethulela abezindaba izinhlelo zomnyango wakhe zokuqinisekisa ukuthi iCOVID 19 ayibhebhetheki.
Abahlomula ngesibonelelo sikahulumeni bazoqala behole ngolwesibili okungumhlaka 6, okuzoba yizaguga bese kulandela abakhubazekile bese kuba yizingane.
Bangaphezu kuka-18 million abantu abahlomula ngesibonelelo sikahulumeni kuleli.
uZulu uthi bazoqinisekisa ukuthi abantu bathola imali yabo ngaphandle kokuba babeke impilo yabo encupheni yokuthola iCOVID 19.
U-Zulu uthi uhulumeni wenze umsebenzi oncomekayo ngokuvalwa ukudayiswa kukaTshwala ku-level 4 weLockdown.
Umengameli uCyril Ramaphosa uvale ukudayiswa kukatshwala kulandela ukubonakala kokunyuka ngamandla kwesibalo sabantu abathelkeleka ngaleligciwane.
Uqhuba ngokuthi utshwala bunomthelela omkhulu ekuhlukunyezweni kwabantu besifazane.