Uhulumeni Uthi Ukhathazekile Ngemibhikisho Enodlame Emiphakathini

Written by on 26 August, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uLindiwe Zulu uthi izinhlaka ezahlukene kumele zisebenzisane nohulumeni ukuqeda nya imicabango yodlame emiphakathini.

U-Zulu ubekhuluma ephalamende ngezinhlelo zomnyango wakhe zokulekelela imiphakathi ekhahlamezeke ngesikhathi izifundazwe iKZN neGauteng zibhekene nezibhelu.

Uthi kuyakhathaza ukuthi njalo uma umphakathi kukhona ongeneme ngakho uvele ubambe imibhikisho enodlame.

Ngenyanga eyedlule kuqubuke imibhikisho ngesikhathi abalandeli baloyo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma befuna ededelwe ejele, neyagcina isihambisana nezenzo zobugebengu obadlula nemiphefumulo.

Lemibhikisho yaholela nasekucekelelweni phansi kwezitolo ezingaphezu kuka-800.

U-Zulu uthi kuwumsebenzi wawowonke umuntu ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi ayicabangi udlame makukhona okufunayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background