Uhulumeni Uthi Uzimisele Ukuqeda Ngeminjondolo

Written by on 9 November, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Usekela Meya kaMasipala uMsunduzi, uMxolisi Mkhize, uthi uhulumeni uzimisele ukuthi iqedwe nya imijondolo, abantu bahlale ezindaweni ezingcono.

UMkhize usho kanje lapho ephawula mayelana nesimo somphakathi waku-ward 28 okhala ngokuhlala izinyanga ehholo lomphakathi iTruro, eNorthdale, emva kokuthi wawelwa izindlu ngezikhukhula zango-April.

Uthi imindeni engu-8 izokwakhelwa imipheme yesikhashana ngesikhathi isalinde izindlu ezizokwakhiwa eFountain Place.

UMkhize uthi uma sezakhiwe izindlu kuzobe sekudilizwa lezi zesikhashana bese kwakhiwa nezinye ezingaphezu kuka-400 ezizohlinzekwa imiphakathi ehlala emijondolo njengoba uhulumeni esezinhlelweni zokuqeda imikhukhu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background