Uhulumeni Uthi Uzobathatha Njengabadlwenguli Abakhulelisa Izingane

Written by on 2 December, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Usekela Ngqongqoshe wezokuthuthikiswa koMphakathi, u-Hendrietta Bogopane-Zulu uthi lilokhu linyuke njalo izinga labantwana abaneminyaka engu-14 okutholakala ukuthi bakhulelwe.

U-Zulu uthi asebekutholile ukuthi labantwana bakhuleliswa ngabantu abadala kakhulu kunabo, okumele engabe yibo ababavikelayo.

Uthi lezenzo zabantu besilisa ziyihlazo futhi zinyusa nezinga lokubhebhetheka kwe-HIV entsheni kuzwelonke.

Uphawula kanjena nje, abacwaningi bakwa Stats SA baveza imibiko eshaqisayo bethi ngonyaka odlule kukhulelwe amantombazane amancane angaphezu kuka-34 000 kubalwa ngisho nezineminyaka engu 10 ubudala.

U-Bogopane-Zulu uthi lesibalo akumele sithathwe njengesokukhulelwa kwentsha, kodwa kube ngamacala okudlwengulwa kwezingane ezincane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background