Uhulumeni Uthi Uzoqeda Nya Ngemijondolo
Written by Mfundo on 12 May, 2022
By: Lindelani Mbatha
Umnyango wezokuhlaliswa kwabantu kuzwelonke uthi izinhlelo zokunakekela kuthuthikiswe impilo yezakhamuzi, ikakhulu lezo ezidonsa kanzima, iseqhulwini ezinhlelweni zawo.
Ungqongqoshe walomnyango uMamoloko Kubayi, usethule isabelo mali sika R33.7 billion ephalamende, nathi bahlose ukusisebenzisa ezinhlelweni ezahlukene zokuthuthukisa izakhiwo zomphakathi.
Usekuvezileke nokuthi usewutholile umbiko obuyekeziwe kamcwaningi mabhuku jikelele, mayelana nezimali zokubhekana nezikhukhula KwaZulu-Natal, nezadlula nemiphefumulo engaphezu kuka 400.
Amakhulu emizi yabantu namanje asele dengwane kulandela ukumuka kwemizi yawo.
Oyisikhulu esiphezulu emnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu kuzwelonke uMbulelo Tshangana uthi basebenza kanzima ukuqeda imikhukhu kuleli.
Abantu abahlala emijondolo yibo abashayeke kakhulu njengoba iNingizimu Afrika ibikhahlanyezwe yizikhukhula.
U-Tshangana uthi babeke eceleni u4 billion wamarandi ukuthi balungise izakhiwo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.