Uhulumeni Uxolisa nge Loadshedding
Written by Mfundo on 10 June, 2021
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe osabambile ehhovisini likamengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, uthi bayazwelana kakhulu namalunga omphakathi kanjalo nosomabhizinisi abakhathazekile ngokunqamuka kukagesi izikhawu, iLoadshedding.
Inkampani ephakela ugesi kuleli iEskom ekuseni izolo iqalise uhlelo lweLoadshedding kusigaba sesithathu, kanti ngoLwesithathu ukunqamuka kukagesi bekukuStage 4.
Umphakathi kanye nosomabhizinisi sebezwakalise ukhakhathazeka okukhulu njengoba kwezinye izindawo ugesi uhambe isikhathi esingangamahora amane.
uNtshavheni uthi uhulumeni uyaqonda ukuthi ukuqamuka kukagesi kuzophazamisa kakhulu ukukhula komnotho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.