Uhulumeni Uyazikhandla Ekwesekeni Osomabhizinisi- Ramaphosa

Written by on 20 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi uhulumeni usebenza kanzima ukulekelela osomabhizinisi abamnyama ukuba banakekelwe baphinde benze kahle.

URamaphosa ubekhuluma nezithameli ezithamele ingqungquthela yosomabhizinisi kanye nabahwebi abahambele i-Inaugural Black Industrialist and Exporters ebanjelwe eGoli.

Umengameli ukhukluma kanjena nje umnotho wakuleli uyaqhubeka nokungenzi kahle njengoba intengo yezakhamuzi yehle yafinyelela ku-7.4% okungokukhulu kakhulu.

uPetrol wona unyuke ngamandla njengoba ngenyanga eyedlule unyuke ngemali engaphezu kuka-R2 ilitha okungokukhulu kakhulu kusukela ngo-2009.

uEskom nawo ufake izwe ngaphansi kuka-stage 6 obekungokokuqala ngqa emlandweni wezwe.

uRamaphosa uthi noma kunjalo uhulumeni uzimisele ukweseka osomabhizinisi bakuleli.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background