Uhulumeni WakwaZulu-Natal Ubungaza Usuku Lwabakhubazekile
Written by Mfundo on 3 December, 2020
By: Mfundo Mabaso
UNdunankulu wakulesifundazwe uSihle Zikalala usencome osonhlalakahle ngomsebenzi wabo omuhle wokunakekela abantu abaphila nokukhubazeka.
uZikalala ubekhuluma emcimbini wokubungaza usuku lwabantu abaphila nokukhubazeka eGlencore, eNyakatho eseNtshonalanga nesifundazwe.
Uthi ngokomthethosisekelo uhulumeni uyakuqinisekisa ukuthi abantu abakhubazekile bayavikeleka, bayazithola izindlu nezibonelelo kanye namathuba emisebenzi.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo usekela sihlalo weProvincial Dissability Forum, uthi abakhala ngako kakhulu imisebenzi, imifundaze kanye nanezokuthutha.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.