uHulumeni WakwaZulu-Natal Ungenelela Emphakathini wase Wentworth Namaphethelo

Written by on 5 December, 2020

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho nezemvelo kulesisifundazwe uRavi Pillay uthi uhulumeni useqale uphenyo mayelana nembangela yomlilo oqubuke kwaEngene Refinery eningizimu neTheku izolo.

Lesigameko sishiye abasebenzi abayisikhombisa belimele, kanti bahabule ngisho nentuthu.

uPillay uhambele lesikhungo ukuyohlola umonakalo, njengoba ukuphazamiseka kwaso kunomthelela ngisho nakwimvelo imbala, ngenxa yamakhemikhala asetshenziswa khona.

Uthi uhulumeni wesifundazwe usethumele ithimba lezinhlekelele ukuba libhekane nalomonakalo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background