UHulumeni waKwaZulu-Natal Uthi Awakazovalwa Amabhishi
Written by Mfundo on 9 December, 2020
By: Bright Ntuli
UHulumeni waKwaZulu-Natal usuyichithile imibiko yokuthi kungase avalwe thaqa wonke amabhishi akulesifundazwe ngesikhathi samaholidi kakhisimusi.
Umkhandlu obhekele ukunqanda ukubhebhetheka kwe Covid-19 kulesifundazwe, noholwa ngundunankulu u Sihle Zikalala, uthi awukasithathi isinqumo ngaloludaba.
Uqhuba ngokuthi okwamanje uphezu kwezinhlelo zokunqanda ukubhebhetheka kabusha kwaleligciwane kanye nokukhulisa umnotho weKZN.
Oyisikhulumi sikahulumeni wesifundazwe u Lennox Mabaso uyachaza.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/w89rv062Mvr7r9&podcast_id=7535d392-e03f-4b4b-8d2c-538c7d310f84″ width=”100%” height=”200″]