Uhulumeni wesfundazwe uthi uzimisele ukulungisa amaphutha

Written by on 13 May, 2020

Undunankulu wakulesfundazwe, uSihle Zikalala, uthi uhulumeni uzimiselele ukulungisa lapho ephambuke khona ukuze kuvikelele impilo yabasebenzi abalwisana nobhubhane iCovid-19.

uZikalala ukhulume kanjena emahovisi kahulumnei eMayville eThekwini, ngesikhathi ethula izindlela ezahlukahlukene abazozisebenzisa ukulwisana nokubhebhetheka kwalesifo.

Uthi impilo yabasebenzi baka hulumeni kumele nayo ibekwe phambili njengoba kuyibo ababhekene ngqo nalesifo.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, uthi kuningi asebekwenzile ukulekelela labo abangenamakhaya ukuba bahlangane nemindeni yabo.

uKaunda ubethulela abezindaba izinhlelo abanazo zokusiza labo abahlala emigwaqeni njengoba izwe lizama ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid 19.

Lomaspala unabantu abangaphezu kuka-1700 abahlala emgwaqeni, asebetholelw’ izindawo zokufihla ikhanda ngaleskhathi se lockdown.

uKaunda uthi abaningi abangabantu besifazane sebebafundise ukuthunga izimpahla.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Sthulile Mdletshe &  Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background