Uhulumeni Wesifunda Ufuna Ukuhlonipha uMdlokombane

Written by on 29 June, 2023

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uSboniso Duma, uthi uhulumeni wesifundazwe uhlela ukwakha isichuse seSilo esesakhothama uMdlokombane phambi kwesishayamthetho.

UDuma ukhulume kanjena ngesikhathi enza izethulo zakhe phambi kwamalungu esishayamthetho ePietermaritzburg.

Kulendawo njengamanje kusakhona izichuse ezabekwa nguhulumeni wobandlululo uQueen Victoria kanye noSir Theophilus Shepstone.

UDuma uthi lezichuse kuzomele zisuke kuhlale leso sikaMdlokombane futhi asikho esinye okumele sifakwe eduze kwaso.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background