UHulumeni Wesifundazwe Ukhumbula uMyeni

Written by on 6 May, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Uhulumeni wakwaZulu-Natal usubonge abantu abaxhase umndeni wakwaMyeni nangeminikelo ukuba kubuyiswe isidumbu sikaLindani Myeni eMelika.

Namhlanje uhulumeni wesifundazwe ubambe inkonzo yesikhumbuzo sika Myeni kulandela ukubuya komzimba wakhe.

UMyeni wadutshulwa wabulawa amaphoyisa aseHonululu, eHawai.

UNdunankulu wesifundazwe, uSihle Zikalala, uthi isifundazwe silahlekelwe kakhulu ngokudlula kukaMyeni njengoba ebesamncane futhi enekhono.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

UGogo kaMyeni, uNtombifuthi Shashu, uthi isimanga ukuthi amaphoyisa akuleliyalizwe abebona uLindani njengesigebengu, kufakazelwa istatimende samaphoyisa esilokhe sishintshashintsha.

Usephinde wabonga uhulumeni wesifundazwe ngokuzinikela ekusizeni umndeni ngokulanda ingane yabo eMelika, nanokuphinda unakekele umndeni ngalesisikhathi esinzima.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background