UJenene Ubabaza Izinga Lokuphuza ePMB

Written by on 14 April, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi buningi ubugebengu obuqhubekayo ngaphansi kwamabhizinisi afana nezindawo zokucisha ukoma kanye nezitolo ezidayisa impahla esike yasetshenziswa.

uCele uhambele umphakathi wasePlessislaer, ngaphandle kwase Pietermaritzburg, kulandela ukwanda kwezigameko zokubulawa kwamaphoyisa.

Uthi iningi lalamabhizinisi awanazo izincwadi ezigunyaza ukuthi asebenze, kanti nezigebengu zithola ithuba lokudayisela zona impahla eyebiwe.

Uphinde wababaza nezinga lokuphuzwa kwamanzi amaponjwana ePietermaritzburg.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, usexwayise abakwasidlodlo abasebenzisana nezigebengu ukuthi azophela maduze amahlathi okucasha.

Uphinde wakhumbuza amaphoyisa ukuthi umsebenzi wawo ukuvikela umphakathi ngakho ngasosonke isikhathi uma isigebengu sikhipha isibhamu kumele abakwa sidlodlo bagadle kuqala.

UCela uqhuba ngokukhuza ihlazo lamaphoyisa anikela ngozakwazo ngokusebenzisana nezigebengu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background